Rhapsody Global Club ( Mandate 1B ROR Influences )
Rhapsody Global Club ( Mandate 1B ROR Influences )
March 1, 2025 at 05:01 PM
Rhapsody Zulu Sun Mar 02 2025 KUQONDE LOKHU UKUTHI UKRISTU UKUWE ULizwi waba yinyama wakha phakathi kwethu wakha phakathi kwethu sabona inkazimulo njengoyezelwe yedwa kuYise egcwele umusa neqiniso (ngokukaJohane 1:14). Uma sithi ikholwa yilowo muntu okuhlala kuye uKristu, inking wukuthi abaningi abaqondi ukuthi kusho ukuthini ukuthi uKristu uhlala kubo nanokuthi ungubani uKristu. Lisho ukuthini igama elithi Kristu? Igama elithi Kristu, lingelesiHebheru elisho ukuthi lokhoMesiya, futhi igama elithi Mesiya lisho Ogcotshiweyo. ETestamentini Elidala, wayebizwa ngokuthi nguMesya, eTestamentini Elisha ubizwa ngokuthi nguKristu, kodwa omabili lamagama asho umuntu oyedwa. Lowo abaJuda ababemqonda ukuthi unguMesiya, umprofethi uDaniyela wambiza ngokuthi “yiNdodana yomuntu.” Ngesikhathi uJesu ezibiza ngokuthi “uyiNdodana yomuntu” eyayizo “phakanyiswa,” okwakusho ukubethelwa kwakhe, abaJuda bambuza bathi, “Ingubani leNdodana yomuntu?” Babecabanga ukuthi uKristu uyophila ingunaphakade. IBhayibheli lithi encwadini kaJohane 12:23, 32-34: “…uJesu wabaphendula wathi, ihora lesifikile, lokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe…Mina nxa ngiphakanyiswa emhlabeni ngiyakubadonsela kimi bonke. . lokho wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho. Ngakho isixuku samphendula sathi; “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade” usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu?” UJesu wababhekisa eziprofethweni zikaDaniyela lokhu kwahambisana nazo. Isisho esithi iNdodana yomuntu sisasho okufanayo nokuthi iNdodana kaNkulunkulu. Kepha ukuthi iNdodana kaNkulunkulu lokho akusho ukuthi lowo “uzelwe ngokwenyama nguNkulunkulu”; kunalokho kusho ukuthi uNkulunkulu usenyameni engumuntu. Kungalesi sizathu ngesikhathi uJesu ethi uyiNdodana kaNkulunkulu, abaholi babaJuda bamsolwa ngokuthi uyahlamabalaza. Bathi, “...Ngokwemisebenzi emihle asikujezisi; kepha ngokuhlambalaza, ngokuthi uthi ungumuntu nje bese uzilinganisa noNkulunkulu” (ngokukaJohane 10:33). Babeqonda ukuthi uMesiya, uNkulunkulu obonakala enyameni yomuntu, lokhu ayekusho uJesu ngaye. Uma uthi uJesu unguKristu, usho ukuthi uNkulunkulu ubonakaliswa enyameni yomuntu. Yilokhu-ke ababefuna ukumbulalela khona. Ungakukhohlwa lokho. Ngakwesinye isimo, njengasencwadini kaMarku 14:61-64 usitshela ukuthi, ngesikhathi umpristi omkhulu embuza ngqo, “Ngabe unguKristu?” uJesu waphendula ngokuqondile, umpristi wadabula ingubo yakhe ethi uyahlambalaza. Lokho kuphendula kukaJesu yikhona okwamholela ekutheni ahlulelwe kuthiwe akafe. Kepha uJesu wayeqinisile. Ngempela wayenguKristu. UMesiya noma uKristu wayenguNkulunkulu enyameni yomuntu. Ngesikhathi wemukela uKristu, impilo yakhe engcwele yathatha indawo yempilo yakho yenyama, wabe esephila kuwe. Waphenduka uKristu empilweni yakho. KwabaseKolose 1:27 uthi, “…UKristu kuwe, ithemba lenkazimulo.” Yilena inkazimulo nephunga elimnandi lobuKristu—uKristu kuwe! Kuqonde lokhu futhi ulikholwe leli qiniso namuhla, ngaphezu kwalokhu obulazi ngakho ngaphambilini. Prayer / Confession Baba Othandekayo, ngiyabonga ngesambulo sokwazi ukuthi uKristu ungubani—unguNkulunkulu ophelelisiwe enyameni. Ngiyavuna ukuthi uKristu uphila kimi, nempilo yakhe engcwele iyabonakala kuyo yonke ingxenye yami, ngihamba eqinisweni lwalolu lwazi, ngifezekisa injongo yakho futhi ngibonakalisa inkazimulo emhlabeni jikelele eGameni likaJesu. Amen. Further study KwabaseKolose 1:26-27; NgokukaJohane 1:14 NIV; 1 KuThimothewu 3:16 1-year bible reading plan NgokukaMarku 9:33-50 & UNumeri 9-10 2-year bible reading plan NgokukaMathewu 19:13-22 & U-Eksodusi 11 WhatsApp Chanel for rhapsody Translation : https://whatsapp.com/channel/0029Va9SJ9OHFxP0Xh4KCN3F

Comments