KZN Department of Education
KZN Department of Education
June 10, 2025 at 01:06 PM
[Bheka] UNdunankulu ethula Inkulumo yosuku kwi-G20 Indaba yesiFundazwe iKwaZulu-Natali Kuliqiniso impela ukuthi " ligotshwa lisemanzi" lesi sisho sichaza ukuthi umtwana ufundiswa esakhulu, siwubufakazi obuqanda ikhanda osukwini lwanamhlanje lapho sihlangene ukuzodingidi amathuba okufundiswa kwabantwana emazingeni aphansi. "Asifisi abantwana abancane basalele ngaphandle ezinhlelweni zikaHulumeni nasezingxoxweni zoMhlaba, kubalulekile ukuba sibakhulise kahle, sibaphe imfundo esezingeni eliphezulu ngoba bamele ikisasa lethu" kuchaza uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uMnu. Thami Ntuli. Ukhuluma kanjena nje uNdunankulu ingoba loMhlangano wandulela iNgqunhquthela yoMhlaba ezohanjwelwa ngamazwe angaphandle kwakuleli azodingida izinhqinamba zomhlaba ikakhulikazi ukuBambisana, Ukulingana kanye Nokugcineka kwezidingo ngqangi. Indawo: Durban ICC Usuku: 10 June 2025

Comments