
KZN Department of Education
June 10, 2025 at 02:29 PM
ISIFUNDAZWE SAKWA ZULU-NATALI SiBAMBE INGQUNGQUTHELA YE G20
uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natali, ihhovisi likaNdunankuku, osomabhisinisi kanye noMyango weZemfundo kuZwelonke bahlangane eICC eThekwini namhlanje ziwu 10 June 2025.
Lomhlangano omkhulu ohanjwelwe izihlobo nhlobo zeziphathi mandla ukuzohlaziya zicubungule izinqinamba namaqhinga amasha azothatha imfundo yakuleli ukuba ihambisane neyaphesheya kwezilwandle. Phakathi kwezihambeli noma izethameli ebizithamele lomhlangano omkhulu kulesiaifundazwe sakwa Zulu-Natali kubalulwa uMhlonishwa uNdunankulu we sifundwazwe Thami Ntuli kanye nesekela likaNgqongqoshe weZemfundo kuZwelonke Dkt Reginah Mhaule nomele uSodolobha weTheku Cllr Zama Sokhabase womkhandlu waseThekwini kanye nomphathiswa woMnyango weZemfundo ku sifundwazwe sakwa Zulu-Natali Mnu. Sipho Hlomuka.
Lomhlangano omkhulu ungeminye yemihlangano eyenzakalayo kwiminyango yonke kahulumeni kusukela uhulumeni omkhulu Kuya ezifundazweni zonke ukulungiselela ingqungquthela yomhlaba eyobe ihanjelwe kuMongameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa.
Ommele uSodolobha Usodolobha weTheku Cllr Zam Sokhabase wamukele zonke izithameli ezihlangene ICC ukuzodingida izindaba ezinkulu zemfundo kuyona yonke imikhakha, kanti uNdunankulu we sifundwazwe Mhlonishwa Thami Ntuli wethule inkulumo yosuku lapho aqale khona ngokukhumbuza umhlanganiso ukuthi imfundo ibaluleke kangakanani kungani behlangene ngalendlela kulolosuku" kuliqiniso impela ukuthi ligotshwa lisemanzi okungukuthi umntwana ufundiswa esakhula siwubufakazi obuqanda ikhanda osukwini lwanamhlanje. Asifisi abantwana abancane basalele ngaphandle ezinhlelweni zikahulumeni nasezingxonxweni zomhlaba. Lomhlangano uzonikeza umhlahlandlela ngengqungquthela yomhlaba ezayo." kunaba uNdunankulu
Kanti usekela Ngqongqoshe we mfundo eyisisekelo, Dkt Reginah Mhaule udlulise amazwi okubongela Isifundazwe sakwa Zulu-Natali ukuthi namhlanje sisingethe Lomhlangano omkhulu wokudingida izindaba zemfundo ikakhulukazi ukuqinisa umgomgodla wezezinkulisa ngoba imfundo ibalulekile kusukela komncane kuya komdala.
Usuku luqhubeke Kwaba nesithangami sezingxoxo ezahlukahlukene zezihloko obekukhulunywa ngazo kabanzi ekwakheni nase kukhuliseni ezemfundo emkhakheni yonke.
Izithameli zinikezwe ithuba lokuba zibambe ithuba kwinxenye yemibuzo abanayo kuzinculabuchopho ebeziletha umhlahlandlela ngezihloko ezahlukene ebeziholwa uDDG Curriculum Management and Delivery Mnu Mbongiseni Mazibuko kanye no DDG Institutional Development Support Ms Weziwe Hadebe
Umhlangano we G20 obewushayelwa inhloko yoMnyango esifundazweni uMnu Nkosinathi Ngcobo uqinisekisile ukuthi Lomhlangano ubalulekile ngoba ulungiselela ingqungquthela yomhlaba ezayo ezohlanganisa amazwe ngamazwe.
Venue : Inkosi Albert Luthuli Complex
Date : 10 June 2025
https://www.facebook.com/share/p/1Yb6wKdLcd/
