
Rhapsody Global Club ( Mandate 1B ROR Influences )
June 13, 2025 at 06:54 PM
Rhapsody Zulu
Sat Jun 14 2025
AMANDLA OMBONO NOKUCABANGA
UJakobe wathatha izinti zompopulari eziluhlaza nezom-hazeli nezesnakidi, wakha imicu emhlophe kuzo, wenza ukuba kubonakale okumhlophe okusezintingeni (UGenesise 30:37)
I ndaba kaJakobe itholakala encwadini kaGenesis, isahluko sama-30 kanye nama-31 kungukubonakaliswa okuthakaselisayo kwamandla okubona nokucabanga. Lapho uJakobe evuma ukusebenzela uLabani, wathenjiswa izinkomo njengeholo. Nokho, uLabani wawashintsha ngokuphindaphindiwe amagama futhi wakhohlisa uJakobe. Kodwa uJakobe, ngokuhlakanipha kwaphezulu nangesu lokudala, wasiguqula isimo.
UJakobe wathatha izinti zompopulari eziluhlaza, nehazela, nezamanunari, wazihlubula kuzo imishwe emhlophe ukuze kubonakale okumhlophe. Wazifaka lezi zinduku emikhombeni yamanzi, lapho imihlambi ifika khona ukuzophuza. Njengoba izilwane zikhwelana phambi kwezinduku, zazala izilwane eziyilokhu kanye uJakobe ayekufisa. Kamuva, uJakobe akabange esazidinga izinduku. Wazehlukanisa amazinyane anamabala futhi axubile, wazibeka phambi kwenkomo ezinamandla. Ngokwenza lokhu, wayenzela umhlambi umbono, futhi zazala ngokwalokho ezazikubona phambi kwazo.
Indlela kaJakobe yayiwukubonakaliswa kwamandla okudala ombono. Wasebenzisa ikhono lakhe lokucabanga ukuze kwenzeke lowo mphumela. Lapho izinkomo ezinamandla sezimithi, uJakobe wabeka izinduku phambi kwamehlo azo, ukuze aqinisekise ukuthi zizala inzalo enamandla, nedingakalayo. Lapho izinkomo zibuthakathaka, akazange asebenzise izinduku, ngakho ezibuthakathaka kwakungezikaLabani.
Ngokuhamba kwesikhathi, imihlambi kaJakobe yaqina futhi yanda kakhulu, kuyilapho ekaLabani yahlala ibuthakathaka. Ukuphumelela kukaJakobe kwaba ngesambulo saphezulu. Ephusheni wabona izinqama zeqa izinkomo zinemizila, ezinamabala, nezimanakanaka . Ingelosi yawuqinisekisa lo mbono, yathi, “Phakamisa amehlo akho manje, ubone, zonke izinqama ezikhwela umhlambi zinemizila, nezimanakanaka, nezimpunga…” (UGenesise 31:12 NKJV).
Bheka ukuthi kubaluleke kangakanani lokhu! Unekhono lokudala ikusasa olifisayo ngokugxila kulokho ofuna ukukubona. Dala umbono owufunayo ngengqondo yakho. NgeZwi namandla kaMoya oNgcwele osebenza kuwe, ungakha noma ulungise iqiniso lakho lenyama. Haleluya!
Prayer / Confession
Baba Othandekayo, ngiyabonga ngokunginika ikhono lokubona nokudala ikusasa lami engliifisayo ngamandla okubona kanye nangeZwi lakho. Ngisebenzisa ikhono lami lokucabanga, ngiphefumulelwe nguMoya wakho, ngakha impilo yami ihambisane nenjongo yakho yobuNkulunkulu, ngokunqoba nokwanda kuzo zonke izindawo. Nginikwe amandla okushintsha umhlaba wami futhi ngigcwalise inkambo yamii, eGameni likaJesu. Amen.
Further study
UGenesise 13:14-17; UHabakuki 2:2; Kwabase-Efesu 3:20
1-year bible reading plan
IzEnzo 4:32-5:1-11 & 2 IziKronike20-22
2-year bible reading plan
NgokukaLuka 1:39-56 & UDuteronomi 12
WhatsApp Chanel for rhapsody Translation :
https://whatsapp.com/channel/0029Va9SJ9OHFxP0Xh4KCN3F