Shembe is The way WhatsApp Channel

Shembe is The way

604 subscribers

About Shembe is The way

Explore Nazarites wisdom | Discover the beauty of Shembe | High quality pictures & videos Of Nazarites world |

Similar Channels

Swipe to see more

Posts

Shembe is The way
Shembe is The way
2/25/2025, 11:25:35 AM

THE EVERLASTING SPIRIT.

❤️ 🙏 🤍 16
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/25/2025, 6:08:10 AM

Awekho amathuba akuphuthile. Konke ocabanga ukuthi kukuphuthile bekungekona okwakho. Uma uNkulunkulu ebhale okuthile ukuthi kube ngokwakho kuzoba njalo. Isikhathi singase sihluke. Uhambo lungahluka. Kodwa kuzoba ngokwakho.

❤️ 🙏 👍 🤍 28
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/28/2025, 5:51:42 AM

NOTA BENE. IBandla, iNazareth Baptist Church, EBUHLENI—BOKUPHAKAMA, alikho ku Social Media. Izimemezelo ezimenyezelwa amaPages athile lapha ku Facebook abagunyaziwe ukwenza lowo msebenzi, bayazenzela nje ngokwabo ngenhloso yokusiza abantu abafuna uShembe. Ngifuna ukuqaphele ke ukuthi abakumemezelayo akhona amathuba okuthi kungabi liqiniso. Ungenzi ke wena okunye noma udlulise umbiko kubantu ongaziwa eBuhleni bokuPhakama uthi wezwa ku Facebook; iNkosi yethu, Ongcwele, iNkosi uNyaziLweZulu ayikho ku Social media. QAPHELA. Akukubi abakwenzayo; kuyabasiza abaningi, kodwa okuqapheleka ngakho bayathatha nje noma yini abayizwa ngendlela idlula nomoya bayimemezele engathi isuka Ebuhleni bokuPhakama kanti mhlawumbe futhi isuka khona Ebuhleni bokuPhakama kodwa ibixoxwa abantu abazihlalele eDokodweni nje, nabo abangazi ukuthi bayithathephi kanti ayisuki eOffice or eGumbini likaShembe. ONGCWELE INKOSI UNYAZILWEZULU ISE EASTERN CAPE, EMZINI WAYO OTHIWA IS'ETHABANI. KULINDELEKE UKUTHI INKOSI UNYAZILWEZULU IHLALE E - EASTERN CAPE, IBUNGAZE UKUZALWA KOBU NAZARETHA NGOMHLAKA 10 MARCH KHONA E-EASTERN CAPE.

❤️ 🙏 ♥️ 🤍 15
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/25/2025, 2:46:10 PM

ENGATHI IZIMPILO ZETHU BEZINGABA UBUFAKAZI BOKUTHI, UKUKHETHA USHEMBE KWABA ISINQUMO ESIHLAKANIPHILE ESASITHATHAYO.

❤️ 🙏 🤍 30
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/24/2025, 7:30:02 PM

HIS HOLINESS INKOSI UNYAZILWEZULU'S MESSAGE AT EKUTHUTHUKENI, FEBRUARY 2025. “...USHEMBE MANAZARETHA UNGOWABO BONKE ABAMTHANDAYO...” PHILIP 02:02. 2]. Gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; 3]. Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

❤️ 🙏 🤍 21
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/25/2025, 7:42:34 PM

Thina sibonga impilo nokulala sidlile; NOKUZWA EKHAYA UKUTHI BADLILE FUTHI BASAPHELELE. While abanye bebonga izinto ezinkulu. SUCCESS. KU HYMN 241; ITHI INKOSI ILANGA; “NGIYABONGA THIXO WAMI UKWABELA KWAKHO.”

❤️ 🙏 🤍 30
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/28/2025, 12:34:58 PM

UNKULUNKULU EZIBONAKALISA KU SHEMBE. Ngolunye usuku kwathi eluse iziklabhu zomlungu wakhe, walamba. Kwabe kusehlobo izithelo eziningi zivuthiwe. Wab’emi eduze kwengadi yezithelo zomlungu wakhe. Kepha wab’ emesaba umlungu njalo wabe esehlala etsheni wakhuleka wathi: “Nkulunkulu sengilambile. ngifuna ukudla lez’ izithelo nginga bonwa.” Akatholanga mpendulo wangena engadini wazidla izithelo ezinye waziwolela “ehiyeni” wali bophela kuye efake zona. Wab’ emi umlungu eduze komuthi wakhuluma wathi: “Kwanga ngingake ngilibone elinye isela eleba izithelo zami. Ngingake ngililungise.” Wathuthumela uShembe kuhle kweqabi lapho ezwa lokho. Kwase kufika izwi kuye lathi: “Mus’ ukubuka umlungu, bheka kimi ukhuleke.” Ameho akhe afuna awomlungu kepha izwi la phikelela lathi: “Bheka kimi okhuleka kuye.” Kunjalo njalo umlungu ukhuluma yedwa uthi: ‘‘Kengiwa bambe nje lamasela ayakuzisola.” Kambonanga uShembe owab’emi ibanga lonyawo phezu kwakhe. Wahamba umlungu. Wakhuleka uShembe wehla emthini waphindela eziklabhini zakhe. Wahlal’ isikhathi eside engazidli izithelo lezi. Wab’ esalokhu eshayekile. Wa khuleka. Kwaba ukuqala ukuba abone ubukhulu buka Nkulunkulu.

Post image
❤️ 🙏 🤍 12
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/28/2025, 12:27:50 PM

AMA HIGHLIGHTS NGOKUZALWA KUKA SHEMBE, ISIKHONZI SENHLUPHEKO. 1. UMUZI WAKWA RADEBE. UMalindi Mthimkhulu kwabe kuyinduna kaLangalibalele Radebe inkosi yamaHlubi. Wabe akhe eNtabamhlophe esifundeni saseMtshezi (Escort). Abantu bakwaRadebe babuye babizwe ngokuthi Mthimkhulu. Kulomuzi kwazalwa intombazanyana uYise owayibiza ngokuthi uSitheya. Cishe kuphakathi kweminyaka yo 1830. Lo mtwana wakhula ethandeka emndenini ngenxa yenhlonipho owabe enayo kusukela ekuzalweni kwakhe. Wakhula uSitheya eyintombazane ethandeka kakhulu, engazange atholakale ehlazweni. Waye ligugu elikhulu kubazali bakhe. 2. USITHEYA NEZWI. Kusukela uSitheya engena ebuntombini kwakuthi uma eyedwa ezwe izwi likhuluma, kodwa wayengamboni umuntu okhulumayo, engazi ukuthi lelizwi livelaphi. Izwi laliyaye lithi; "Sitheya Mtanami, ungazoni ebusheni bakho, uyozala isikhonzi seNkosi esithiwa uShembe". Wayengaqondi ukuthi lokhu kuchazani, noma eyixoxa ekhaya abazali babengaqondi ukuthi lokho kuchazani lokhu okubikwa umtwana wabo. Ngelinye ilanga uSitheya esesebenza emapulazini, bevuna ukolweni bewumisa izithungo. Kwabe kunezintombi eziningi, bashiya bahamba bayodla. Kwathi besekudleni kwafika umoya omkhulu oyisiphepho waphephula zonke izithungo. Ekubuyeni kwabo bafica izithungo ziphephukile, kodwa kusele esikaSitheya. Bonke baxakeka naye wamangala ukuthi kwenzeke kanjani. Kwathi sekuntambama ngalo lolosuku labuya futhi lelozwi kuSitheya wezwa sengathi kukhona umuntu ohleli ekhanda lakhe. Lakhuluma, limukhumbuza ngomoya owise izithungo, ukuthi loyomoya ubulethe uShembe. Akazanga ukuthi konke lokho kusho ukuthini. 3. USITHEYA NEMBALI. Emva kwalesehlakalo sezithungo, uSitheya wahamba futhi ngelinye ilanga nezintombi beyotheza ehlathini. Kwathi bephakathi nehlathi bezwa iphunga elimnandi ababengalazi ukuthi liqhamukaphi. Bagijima lonke ihlathi befuna umsuka waleli phunga. Kuso leso sikhathi babona imbali enhle eyabe inezimbali ezinhlobonhlobo yemibala. Zonke izintombi zaya ziphangelana kulembali, kodwa uSitheya yena wazedlula zonke ngejubane naye ephikelele kulembali eyisimangaliso. Wathi uma efika kuyo wayikha, zathi uma zifika ezinye izintombi zambamba zifuna le mbali eyabe isesandleni sakhe. Kwathi esebona ukuthi bayamephuca imbali, wavele wayifaka emlonyeni yonke wayidla. Eseya ekhaya labuya futhi lelozwi. Wezwa umuntu emoyeni ethi: "Sitheya, lokhu obukudla bekungesiyo imbali, kepha uMoya oNgcwele, wena lapha okhalweni lwakho kuyohlala umuntu oyisikhonzi seNkosi" kusukela ngaleso sikhathi waqala wathi uma elele aphuphe ebona abantu abaningi abafake izingubo ezimhlophe behalalisa. Uma evuka eyixoxa lento kungabibikho oyinakayo noyichazayo ukuthi ngabe isho ukuthini. 4. USITHEYA EGANA UMAYEKISA. Kwakulusiko lakwaZulu ukuthi umuntu uma esezoganwa atshele abazali bakhe, babonisane ngentombi afuna imgane nokuthi abazali babe nombono ngentombi abayithandayo bona. Kanjalo noMayekisa, wazisa uyise uNhliziyo ngokuthi sesifikile isikhathi sokuba aganwe, kodwa kwathi uma ebikela uYise wathola ukuthi unenye intombi emoyeni wakhe, leyontombi kwabe kunguSitheya. Kwathi lapho uNhliziyo etshela indodana yakhe uMayekisa ukuthi inhliziyo yabe isigxile kuSitheya, uMayekisa wavumela phezulu wathi; "intando kababa ayiphumelele, eyami inciphe". UNhliziyo wavuka ngakusasa wathatha izinduku zakhe wehlela emfuleni lapho kukha khona abakwaRadebe. Wafika wacosha amatshe amancane ayisithupha anemibala emihle wabe esekhuphukela khona njalo kwaMthimkhulu. Lemizi yabe ingaqhelelene kakhulu. Wafika uNhliziyo wakhuleka esangweni ekuseni. Kwathi ukuba babingelelane noRadebe, babuzane impilo wabe esewathela phansi uNhliziyo amatshe phambi kukaRadebe. Wethuka uRadebe wathula emangele ebuka amatshe ukuthi kwenzakalani. Wathatha uNhliziyo wathi: "Yamuke nazi izinkomo zakho wena wakwaMthimkhulu". UMalindi wabuza ukuthi ufuna bani. Waphendula uNhliziyo wathi: "Ngifuna indodakazi yakho uSitheya". Wabizwa uSitheya, kwathi uma efika wayesekhuluma uRadebe ebuka amatshe wathi: "Sitheya mtanami yamukela nazi izinkomo zami ezifika noNhliziyo kaMzazela". USitheya waphendula ebhekise kuyise wathi: "Wena baba uyabathanda yini labantu?" Waphendula uMalindi wathi: "Yebo mtanami ngiyabathanda". Yabe isithi indodakazi kaMalindi "Intado yakho baba ayenzeke kimi" Washo qede zagobhoza izinyembezi kuSitheya, esekhumbula izethembiso akathenjiswa zona kusukela engena ebuntombini zokuthi esiswini sakhe kuyohlala isikhonzi esithiwa uShembe. Yacelwake lentombi yakwaRadebe, zakhokhwa zaphelela izinkomo zelobolo bagcagciselana kahle ngomthetho wakwaZulu. USitheya wabe eyinkosikazi yokuqala kaMayekisa. UMayekisa wagcina enamakhosikazi amathathu 5. ABATWANA BAKAMAYEKISA KUSITHEYA. Njengoba sekushiwo ukuthi uSitheya wabe eyinkosikazi yokuqala kaMayekisa, uSitheya wazala abatwana abalishumi ngokulandelana kanje: 1. Nonyanga - intombazane 2. Bheshu - umfana 3. Jubindaba - intombazane 4. Sichwe - intombazane 5. Mdliwamafa - umfana 6. Qedizwe - intombazane 7. Nokwazi - intombazane 8. Mziyonke - umfana 9. Tutu - umfana 10. Zikholise - intombazane Lokhu kusho ukuthi uSitheya wazala abafana abane namantombazane ayisithupha. 6. UKUZALWA KUKA SHEMBE. Noma uMdliwamafa waba ngowesihlanu kunina, kodwa bonke laba batwana ababengaphambili kwakhe babefa bebancane, cishe ukuthi wathi ezalwa uMdliwamafa babengasekho bonke. UBheshu yena wafa esanda kuzalwa nje. Nodadewabo ababemlandela bafa bebancane kakhulu. Ngokwezintshumayelo zikaShembe zo-1920, uShembe wazalwa ngo-1856, kodwa ezinye izincwadi zithi wazalwa phakathi kwa 1865- 1870. Laphake sizothatha amazwi akhe okuthi wazalwa ngo 1856. Kwathi uSitheya eseganile kwaShembe wabe usuyaphela lomoya nalelizwi elabe lihlala likhuluma naye. Sekuyizinyanga eziyisithupha uSitheya ekhulelwe uMdliwamafa labuya ngamandla leli phupho eliyisibonakaliso kuSitheya. Kwakuthi uma elele abone abantu abaningi bembethe izingubo ezimhlophe, bese kuvele lelozwi owabe elizwa eyintombi lithi: "Wena uyozala umuntu oyoba isikhonzi senkosi". Wavuka waxoxa ngaleli phupho izikhathi eziningi, kodwa akekho owamnaka, babevele bamhleke nje. Kwaze kwafika isikhathi sokuzalwa kukaShembe enaleliphupho. Lapho esezelwe uShembe uyise wamqamba wathi uMdliwamafa ngoba wabe eyinkosana yakhe njengoba uBheshu washona esanda kuzalwa. Kwathi kuyisemkhulu elele kwafika umuntu ngephupho wamtshela ukuthi lo mtwana igama lakhe uShembe. Lokhu kwenzeka uShembe engakazalwa. Kwathi uma esezelwe wabe uNhliziyo esethi igama lalo mtwana uShembe. Igama elachuma elokubizwa ngoShembe okunokubizwa ngoMudliwamafa. 7. UKUKHULA KUKASHEMBE. Njengoba uSitheya wabe eshonelwa abatwana noShembe wakhula engumtwana ohlala ngokugula. Waqala ukuhlupha eseqala ukugijima. Wagula kakhulu ngalesi sikhathi. Kwathi abazali bakhe sebethukile wavele wabonakala esephangalele. Unina waba nokudideka, akaze wazi ukuthi lelizwi ebelilokhu likhuluma naye lalichazani. Esephangalele kwabizwa omakhelwane ukuba bazokumba ingcwaba. Kwathi lapho beqeda ukumba, kwafika umfana evela ekweluseni wafika wabika kuMayekisa ukuthi enye yezinkomo zakhe ifile. Lapho bembuza ukuthi ibulawe yini wabika ukuthi bayibone iwa nje edwaleni yafa. Kwathi uma kuzwakala lesigameko bethuka kakhulu bonke abantu. Kwase kuthunywa omunye umuntu ukuba ayobhula esangomeni, uLukhozana Mahlobo. Wathi uma efika uLukhozana isangoma samtshela ukuthi akahambe etshele uMayekisa ukuthi akangakhathazeki ngoba ukufa kwenkomo kwakubuyisa ukuphila komtanakhe. kwathi lomuntu othunyiwe engakafiki ekhaya, kwathi laba ababelinde isidumbu somtwana babona ingubo eyembese isidumbu isinyakaza. Kwamiswa ababemba ngoba kubonakala isidumbu sinyakaza. Bonke abantu babuyela endlini ukuzobona lo mhlola, kwatholaka isidumbu sikaShembe sinyakaza, ukuphila kwabuya kancane waze waphaphama ekufeni. Ebuya uLukhozana esangomeni wafika umtwana esephapheme. Lagqitshwa ithuna waphila uShembe. Kwathi lapho uShembe cishe eseneminyaka eyi-5 kuyaya kweyi-7, edlala ngobumba nabanye abatwana, wakha izinkomo zobumba njengabo bonke abatwana. Khona lapho wabe esekhuluma nalo lolubumba elutshela ukuthi aluhambe njengokwenza kwazo zonke izingane. Khona lapho ubumba lwavele lwanyakaza lwahamba njengokusho kwakhe. Izingane ezabe zikhona lapho zethuka kakhulu, zagijima zayobika emakhaya ngalesi senzo sikaShembe. Kwaduma yanke indawo yaseNtabamhlophe ukuthi umtakaMayekisa ukwazi ukukhuluma nobumba lumphendule, kwathi uma kubikwa kunina lesi siga wavele wathi akumangalisi lokho ngoba yena uyazi ukuthi lomtwana ungowezimanga. Kwabikwa naseNkosini uLangalibalele, yaduma izwe lonke. SIZOQHUBEKA LAPHO USHEMBE ESEHLALA EPULAZINI LOMLUNGU U CONRAD GLEBE, LA KULAPHO AQALA KHONA UKUKHULUMA NONKULUNKULU.

❤️ 🙏 🤍 10
Image
Shembe is The way
Shembe is The way
2/24/2025, 8:52:48 PM

Discipline, Uniformity, patterns of self trained movement in unison rhythm. SUPPER. KWANYAMA KAYPHELI KUPHELA AMAZINYO ENDODA.

❤️ 🙏 10
Video
Shembe is The way
Shembe is The way
2/24/2025, 5:40:20 PM

Namuhla udumo lweNkosi yokuPhakama, iNkosi uNyaziLweZulu luye lwabatshazwa eMini School kaShembe, eKolishi likaShembe, esiShayamthetho sezingilosi zaseKuphakameni. ENhlanhleni Temple, ePietermaritzburg. ONGCWELE, INKOSI UNYAZILWEZULU.

❤️ 🙏 🤍 13
Video
Link copied to clipboard!