
Shembe is The way
February 28, 2025 at 05:51 AM
NOTA BENE.
IBandla, iNazareth Baptist Church, EBUHLENI—BOKUPHAKAMA, alikho ku Social Media. Izimemezelo ezimenyezelwa amaPages athile lapha ku Facebook abagunyaziwe ukwenza lowo msebenzi, bayazenzela nje ngokwabo ngenhloso yokusiza abantu abafuna uShembe. Ngifuna ukuqaphele ke ukuthi abakumemezelayo akhona amathuba okuthi kungabi liqiniso. Ungenzi ke wena okunye noma udlulise umbiko kubantu ongaziwa eBuhleni bokuPhakama uthi wezwa ku Facebook; iNkosi yethu, Ongcwele, iNkosi uNyaziLweZulu ayikho ku Social media.
QAPHELA.
Akukubi abakwenzayo; kuyabasiza abaningi, kodwa okuqapheleka ngakho bayathatha nje noma yini abayizwa ngendlela idlula nomoya bayimemezele engathi isuka Ebuhleni bokuPhakama kanti mhlawumbe futhi isuka khona Ebuhleni bokuPhakama kodwa ibixoxwa abantu abazihlalele eDokodweni nje, nabo abangazi ukuthi bayithathephi kanti ayisuki eOffice or eGumbini likaShembe.
ONGCWELE INKOSI UNYAZILWEZULU ISE EASTERN CAPE, EMZINI WAYO OTHIWA IS'ETHABANI. KULINDELEKE UKUTHI INKOSI UNYAZILWEZULU IHLALE E - EASTERN CAPE, IBUNGAZE UKUZALWA KOBU NAZARETHA NGOMHLAKA 10 MARCH KHONA E-EASTERN CAPE.
❤️
🙏
♥️
🤍
15