
Shembe is The way
February 2, 2025 at 05:55 PM
MFU. GUMEDE. – EKHENANI.
Ukuhlupheka akusho ukuthi uShembe akakuthandi, kodwa kusho ukuthi uShembe uyakwethemba.
Ungaziqhenyi ngokuthi mina angihlupheki, mina nginezinto zonke, yingoba uShembe akakwethembi mhlawumbe. Mhlawumbe uShembe uyakubona ukuthi uWeak,
Ukuhlupheka nokuhlushwa akusiko ukwaliwa Kodwa LUTHANDO. Ingoba UNKULUNKULU uyakwethemba. UJobe wayengenaso isono. Kodwa wayethembekile ku NKULUNKULU. Kwathi noma omubi esehamba eyoguqa eyocela ukuthi UNKULUNKULU amnikeze UJobe amvivinye amlinge. UTHI UNKULUNKULU ngiyagaranta ngoJobe noma ungamenzani, ngiyagaranta ungowami.
WAGARANTA!
Mhlawumbe UNKULUNKULU ugarante ngawe njengoba uhlupheka. Ingoba UNKULUNKULU uyakwethemba. Abangathembekile abahlupheki. Ngoba UNKULUNKULU uyababona ukuthi baWeak. Khona ukuhlupheka okungesiko okwesono. Okokwethembeka. Khona ukuhlushwa ngoba uthenjwa. UNKULUNKULU ugarantile ngawe komubi wathi noma ungamenzani lo, noma esephansi lo wothi ngyamthanda uShembe.
Mhlawumbe awethembekile YIKHO ubusa. YIKHO ungahlushwa nje. UNKULUNKULU uyakubona ukuthi uWeak. Uma engase akwephuce izinto zakho uzozihenga, ngoba awethembekile ulula.
Abantu bazithole izingane, WENA UNGAZITHOLI, abanike imali wena ungaytholi, konke abakfunayo bakthole babe nezinto zonke, bese bethi kuwe okusho ukuthi kuncane ukukholwa kwakho. bese bethi kuwe unezono. Athi omunye indaba isemsamo kini. Athi konakele emsamo.
Nimbona ehlupheka kanjena nje unezono.
Kanti aksizona izono ukwethembeka. Wethembekile ku NKULUNKULU. Akonakele emsamo, yingoba wethembekile ku Shembe.
Kukhona omubi oguqileyo ku Shembe wathi Nkosi ake ungnike lo, ungnike nje usuku lube lunye. Ebese kuphela konke obunako, ufelwe, bese bethi abantu kanti uphi uShembe wakhe? Bese kusho bona abakholwayo abamaziyo uShembe bathi kungenxa yezono. Unezono eziningi.
Kanti cha! wethembekile ku Shembe. UShembe ugarante ngaye. Wathi mphuce iyngange umphuce imali umphuce iymoto asale yedwa kodwa uyoqhubeka athi uShembe uyiNkosi.
Ungakujabuleli kakhulu ukuba nezinto zonke, okuncono uma unenhlanhla yokuba nezinto zonke ubaphe abangenalutho, ubabele abampofu. Okunokuthi uthi banezono. Okunokuthi uthi konakele emsamo.
Noma kungafika yiphi inhlobo yosizi, ningehlukani noShembe. Noma kungafika yiphi inhlobo yokuhlupheka. Noma usulele phansi ubothi noma Nkosi ngiyafa noma ngiyaphila kodwa wena uyiNkosi.
Uma sizofuna umcebo, sizohlubuka uma singasawutholi. ezinhliziyweni zethu masithi sizolungiselela ukufa.
❤️
🙏
🤍
26