
Shembe is The way
February 10, 2025 at 06:35 PM
BESISE MGABABA—SOUTH COAST, IZOLO.
Uhambe kahle umcimbi obuyizolo wokuvula indlu ebesiyakhela uGogo Maphumulo eMgababa, eDanganye Area, eSouth Coast. UGogo Maphumulo wawelwa indlu ngezikhukhula zango 2022.
Ngizothanda ukukucacisa ukuthi cha, akukho sgwili noma umuntu onothile obe ingxenye yalomsebenzi, akukho sopolitiki futhi obe ingxenye yalomsebenzi. Kodwa kuhlangane abantu nabo abangenalutho ngokwabo babe sebeba nezinhliziyo ezidabukayo ezimdabukelayo omunye umuntu.
Indlu esiyakhele uGogo ivulekile impela ngoba inamakamelo amabili okulala, ine Dinning Room, ineKhishi, ibuye ibe noVeranda. uGogo uzondlala iscephu phandle emthunzini ashawe umoya.
AKUSIYO KE INTO ESINGAZIBABAZA NGAYO LENA, KODWA NGAMANDLA KA THIXO.
Lomsebenzi uthathe unyaka wonke, okuchaza ukuthi bekungelula Kodwa siyambonga uNkulunkulu owenze saba nhliziyonye umsebenzi uqala kuze kuba sekugcineni.
AK'SIWO UMSEBENZI WOKUQALA LO SIWENZA FUTHI AKUSIWO WOKUGCINA, ENGATHI USHEMBE ANGAQHUBEKA NOKUSIPHA AMANDLA.
''Ofanelwe ukubongwa ngiyambonga, nofanelwe ukudunyiswa ngiyamdumisa, nguye kuphela owenza izulu nomhlaba, makabongwe.''
Hymn 162 | uThumekile | eNhlangakazi | Jan 22, 1929 |
❤️
🙏
😢
🙌
31