Ukhozi FM
Ukhozi FM
February 21, 2025 at 05:15 AM
Sithe asibheke udaba obelusematheni kulelisonto oluthinta owesifazane onengane nosaziwayo okhala ngokuthi losaziwayo akasazihluphi ngokusiza ingane yabo ngemali. Lengane eneminyaka engu 30 ayikakabi sesimweni sokuzimela, isacingana namatoho. Lowesifazane uphinde athi bekungakuhle uma losaziwayo ubengathengela ingane yabo imoto njengoba isasekulesimo. Njengomzali wengane esikhulile, luqala lugcinephi usizo omlekelela ngalo kwizidingo zakhe? Ngabe kumele kufike isikhathi lapho lushabalala usizo ukuze umuntu akwazi ukuzimela? #ukhozifmvabs #vabs #ukhozifm #masithandanenokhozifm
❤️ 👍 🙏 6

Comments