Ukhozi FM
Ukhozi FM
February 28, 2025 at 05:17 AM
Namhlanje sithe asithinte udaba oluthe ukuba bucayi. Sithole i-whatsapp evela kumlaleli odinga ukucetshiswa ngesimo azithola ekusona. Umlaleli uthi ngo November wonyaka ofile umngani wakhe ongusomabhizinisi weza kuye waboleka imali engango R15-thousand wamarandi ukuze avale izikhala ebhizinisini lakhe. Umngani wayethembise ukuyibuyisa lemali ekupheleni kuka February, okuyinamhlanje. Umlaleli uthi uthe evula iphone ngoLwesibili ekuseni wahlangabezana nemilayezo eduduza umndeni ngokwedlula emhlabeni kwalomngani. Uthi ukhungakathekile ngokuthi isiphi isinyathelo angasithatha, akazi noma ayobika emndenini yini ukuthi bekunemali akade emkweleta yona umufi. Kwenziwa njani kulesimo? Ngabe usuke waba sesimweni esicishe sifane? Wenzenjani? #ukhozifmvabs #vabs #ukhozifm #masithandanenokhozifm
😢 ❤️ 8

Comments