
LIT RADIO ZA
May 17, 2025 at 06:42 PM
Usizi kubulawa umfundi wase Majuba TVET ngemva kwengxabano nomunye umfundi.
Kukhalwa ngesihluku kulandela ukuthi kubulawe umfundi wase kolishi uMlungisi Ngema obefunda eCPD Campus nokusolwa uThabiso Ntetha naye ofunda kuso lesikhungo nokubikwa ukuthi uyilunga le SRC on Campus ngaphansi kwe Sadesmo edlelana neqembu le IFP. Umbiko wamacala wamaphoyisa wango Lwesithathu mhlaka 14 May uveza ukuthi kwaba nengxabano Section 5, EB423 phakathi kwalabafundi nokwaphetha ngokuthi agwazwe ashone uMlungisi.
Kubikwa ukuthi umsolwa wavela enkantolo ngoLwesine mhlaka 15 May 2025 kanti kubikwa ukuthi wadedelwa ngebheyili. Lomsakazo ubhalele uphiko lwezokuxhumana eMajuba ufuna ukuqinisekisa eminye imininingwane ngakho sizoyikhipha mangabe sesiyiqinisekisile.
📸Esomfundi obulewe

😢
😭
💔
😮
39