
LIT RADIO ZA
2.8K subscribers
About LIT RADIO ZA
The home of Good music and fresh content. We bring latest news when it happen, relevant podcasts and more. To download the app Click https://play.google.com/store/apps/details?id=com.famcast.lit https://open.spotify.com/show/5qCSCbiwK3LGaugGRyB2Zt Or Contact 084 919 6239 for announcements, news and advertising.
Similar Channels
Swipe to see more
Posts

Yophe yaze yashona indoda elimale ngenkathi ikhahlela isango oTongaat-KZN Kubikwa ukuthi igcine idlulile emhlabeni indoda eneminyaka engu 36 yaso Tongaat elimale kabi ngenkathi ikhahlela isango. Ubaba walendoda oneminyaka engu 70 uveze ukuthi ufike endlini ngabo 13h00 namhlanje seyivele yopha indodana yakhe base bezama ukumsiza nokuphethe ngokuthi ashone ngemva kokopha ama hora amabili kwazise abamyisange clinic.


Hhayibo ayikholakali lento yalabantu base Siyahlala la eNewcastle abacwila esitamkokweni bazame ukusi unbloka. Kwaze kwanzima ๐ญ๐ญ.

Usizi kubulawa umfundi wase Majuba TVET ngemva kwengxabano nomunye umfundi. Kukhalwa ngesihluku kulandela ukuthi kubulawe umfundi wase kolishi uMlungisi Ngema obefunda eCPD Campus nokusolwa uThabiso Ntetha naye ofunda kuso lesikhungo nokubikwa ukuthi uyilunga le SRC on Campus ngaphansi kwe Sadesmo edlelana neqembu le IFP. Umbiko wamacala wamaphoyisa wango Lwesithathu mhlaka 14 May uveza ukuthi kwaba nengxabano Section 5, EB423 phakathi kwalabafundi nokwaphetha ngokuthi agwazwe ashone uMlungisi. Kubikwa ukuthi umsolwa wavela enkantolo ngoLwesine mhlaka 15 May 2025 kanti kubikwa ukuthi wadedelwa ngebheyili. Lomsakazo ubhalele uphiko lwezokuxhumana eMajuba ufuna ukuqinisekisa eminye imininingwane ngakho sizoyikhipha mangabe sesiyiqinisekisile. ๐ธEsomfundi obulewe


Udutshulwe wafa umlisa okade ese Tuck Shop yakubo eMawoti - KZN Udutshulwe wafela ngaphandle kwe tuck shop yakubo izolo ngoMgqibelo ebusuku umlisa oneminyaka engu 24 ubudala. Lomlisa ongowase Ethiopia ngokudabuka uficwe abakwa Reaction Unit SA eseshonile ngaphandle kwesitolo sikababa wakhe kanti kuthiwa udutshulwe amanxeba abalelwa ku 9. Akukacaci ukuthi ngabe bekuyini nhloso yalokubulala ngesihluku.
